Lo mthetho uqala ukusebenza ngosuku lokuqala kwemigomo yokuhlolwa komthelela wezemvelo, ka 2006 owakhelwe ngaphansi kwesigaba 24 somthetho wase ushicilelwa kuSaziso sikaHulumeni No R. 385 ka 2006.
imayini uma lisetshenziswe njengebizo noma isenzo njengoba kuchazwe esigabeni 1 soMthetho wezokuthuthukiswa kweziMbiwa kanye neziBasi, 2002 Umthetho No.
indawo yemayini lisho indawo njengoba kuchazwe esigabeni 1 soMthetho wezokuthuthukiswa kweziMbiwa kanye neziBasi, 2002 Umthetho No.
imvume yokwenza umsebenzi wemayini lisho imvume njengoba kuchazwe esigabeni 1 soMthetho wezokuthuthukiswa kweziMbiwa kanye neziBasi, 2002 Umthetho No.
ukuthuthukisa ngokwezigaba lisho umsebenzi owenziwa esigabeni ngokuhamba kwesikhathi ezindaweni ezifanayo noma ezakhelene ngenhloso yokwakha indawo eyodwa noma ezixhumene kusetshenziswa izithuthi ezinokuxhumana ukujikeleza kwabahamba ngezinyawo, ukwabelana ngengqalasizinda, noma ukuqhubeka kohlobo, indlela indlela yokwenza noma umqondo wesithuthi esifanayo noma esiza emva kwaso.
indawo ehlongozwayo lisho indawo njengoba kuchazwe esigabeni 1 soMthetho wezokuthuthukiswa kweziMbiwa kanye neziBasi, 2002 Umthetho No.
ilungelo lokuhlongoza lisho ilungelo njengoba kuchazwe esigabeni 1 soMthetho wezokuthuthukiswa kweziMbiwa kanye neziBasi, 2002 Umthetho No.
imvume yokuthola ulwazi ngokuthile lisho imvume njengoba kuchazwe esigabeni 1 soMthetho wezokuthuthukiswa kweziMbiwa kanye neziBasi, 2002 Umthetho No.
imvume yokugodla lisho imvume njengoba kuchazwe esigabeni 1 soMthetho wezokuthuthukiswa kweziMbiwa kanye neziBasi, 2002 Umthetho No.
Umthetho lisho Umthetho kaZwelonke wezokuPhathwa kwezemvelo,1998 Umthetho No.
Umgomo lisho Imigomo yokuHlolwa komThelela wezeMvelo, 2006.
d izindawo zokungcebeleka, izindawo zokulala, amahhotela noma ezinye izindawo zezokuvakasha nezokuphumula endaweni evikelekile eziphawulwe eMthethweni wezokuPhathwa kwezeNdalo kuZwelonke ophatelene nezindawo ezivikelekile, 2003 Umthetho No.
n ukugcinwa kwamanzi omfudlana othelela kwenye indawo, kufaka phakathi amadamu nezindawo ezigcina amanzi anesisindo esingamakhubiki mitha ayizi-50 000 noma ngaphezulu, ngaphandle uma leyo ndawo okugcinwe kuyo ingaphansi kwemisebenzi ekleliswe ngokwengxenye 6 yeSaziso sikaHulumeni No. R.
Isiphathimandla esifanele ngokwemisebenzi ebalwe kule ngxenye yesheduli yisiphathimandla sezemvelo esifundeni lapho umsebenzi ozokwenziwa khona ngaphandle uma kuyisicelo somsebenzi njengoba kucatshangwa esigabeni 24C somthetho, lapho isiphathimandla kunguNgqongqoshe noma ilungu likahulumeni elinikezwe alamdnla ngokwesigaba 42 somthetho njengoba uchitshiyelwe.
Ukuvinjelwa komnyakazo okhululekile wesihlabathi, kufaka phakathi ukuguguleka nehlumelelo, ngokuhlanyela izitshalo, ukubeka impahla eyakhelwe endundumeni yesihlabathi kanye nesihlabathi esindlalekile ebudeni obungamamitha ayi-100 phakathi kwamanzi asezingeni eliphezulu lolwandle.
Ukugujwa, ukwembiwa, ukuqgutshwa noma ukususwa komhlabathi, isihlabathi noma ilitshe elidlula amakhubikimitha ama-5 elivela emfuleni, echwebeni lendobela, emfuleni wendobela, echibini emfudlaneni othelela idamu, ezikhukhuleni zamanzi ezilula noma endaweni enemvula eningi.
Ukususwa noma ukushatshalaliswa kwezitshalo ezisendaweni eznobukhulu obungamamitha ayi-10 endaweni enobude obungamamitha ayi-100 phakathi kwezinga eliphezulu lamanzi olwandle.
Ukwembiwa, ukuqheliswa, ukususwa, ukuthelwa noma ukuminyaniswa komhlabathi, isihlabathi, ilitshe noma imvithimvithi egcwala indawo edlula ubukhulu bendawo obungamamitha ayi-10 olwandle noma endaweni enobude obungamamitha ayi-100 phakathi kwezinga eliphezulu lamanzi olwandle.
Ukugcinwa emhlabeni ongaphezulu kwempahla eyingozi, kufaka phakathi uphethololi, idizili, egazi kaphethiloli ewuketshezi noma uphalafini, ezintweni zokuphatha ezinesisindo esinamakhubikimitha angaphezulu kwangama-30 kodwa zibe ngaphansi ngaphansi kwamakhubikimitha ayi-1 000 kunoma iyiphi indawo kumbe isiza.
Ukuhlola, ukubikezela, umsebenzi wasemayini noma ukugodlwa kwemisebenzi njengoba kuhlinzekelwe eMthethweni wokuthuthukiswa kweziMbiwa kanye nezisetshenziswa zezibasi, 2002 (Umthetho No. 28 ka 2002), mayelana nalezo zimvume, amalungelo, izimvume kanye nokuvuselelwa kwazo.
Isiphathimandla esifanele sale ngxenye yesheduli nguNgqongqoshe noma ilungu likahulumeni elinikezwe amandla ngokwesigaba 42 somthetho njengoba uchitshiyelwe.
Mayelana nezimvume, amalungelo, nezimvume kanye nokuvuselelwa kwazo okunikezwe ngokuka-8 ngenhla, noma yinoma yiliphi ilungelo elifanayo elinikezwe ngokwemigomo yezimbiwa noma ezezimayini zangaphambili, ukwenziwa kwanoma yimuphi umsebenzi ohlongozwayo noma ohambisana nezezimayini noma ukusebenza endaweni ehlongozwayo, egodliwe noma eyimayini, njengoba kuchazwe ngokwesigaba 1 soMthetho wokuthuthukiswa kweziMbiwa kanye nezisetshenziswa zezibasi, 2002 (Umthetho No. 28 ka 2002).
Isiphathimandla esifanele ngokwemisebenzi ebalwe kule ngxenye yesheduli yisiphathimandla sezemvelo esifundeni lapho umsebenzi ozokwenziwa khona ngaphandle uma kuyisicelo somsebenzi njengoba kucatshangwa esigabeni 24C somthetho, lapho isiphathimandla kunguNgqongqoshe noma ilungu likahulumeni elinikezwe alamdnla ngokwesigaba 42 somthetho njengoba uchitshiyelwe.
Ukususwa kwedamu lapho ingxenye ephezulu yobonda lwedamu, njengoba kwenziwe isilinganiso sangaphandle ukusukela phansi ukuya phezulu kungamamitha ayi-5 noma ngaphezulu noma lapho izinga eliphezulu lamanzi edamu ligcwala indawo engaphezulu kwamahektha ayi-10.
Ukuguqulwa noma ukususwa kwezitshalo zemvelo kwamahektha ama-3 noma ngaphezulu noma kwanoma yibuphi ubukhulu lapho inguquko noma ukususwa kuzokwenzeka ngokohlelo lwemvelo esengozini enkulu noma eyelisela engozini olukleliswe ohlwini ngokwesigaba 52 soMthetho kaZwelonke wezokuPhathwa kweBhayodayivesithi, 2004 (Umthetho No. 10 ka 2004).
Ukuvinjelwa kwamanzi ahamba emhlabathini ngomthamo lapho okuyinoma iyiphi imvume inikezwe ngokoMthetho kaZwelonke wezaManzi, 1998 (Umthetho No. 36 ka 1998) kuzodluliswa.
a izinsika ezingamamitha ayi-15 nezinsetshenziselwa izinga eliphansi kuphela i yizimfundamakhwela zokusakaza; noma ii izinhloso zokukhanyisa b izigxobo zamafulegi; kanye c nezigxobo zokhondathi bokukhanyisa.
Ukwakhiwa komgwaqo obanzi kunamamitha amane noma onendawo egodliwe engaphezulu kobubanzi obungamamitha ayisi-6, kungafaki phakathi imigwaqo engaphansi komsebenzi okleliswe ohlwini noma okuyimigwaqo esondezayo enobude obungamamitha angama-30.
a ngokusungula uhlelo lokuyigcwalisa ngowakha indawo egcwala amahektha amahlanu noma ngaphezulu, kodwa engaphansi kwamahektha angama-20; noma b ngendawo yokuhlala, exubile, yokuthengisa, yezebhizinisi noma esetshenziselwa ezezimboni noma izikhungo lapho lokho kwakhiwa kungekona kokugcwalisa nalapho indawo yonke ezoguqulwa ingaphezulu kwehektha elilodwa.
Imisebenzi eyenziwa ngezigaba lapho yinoma yisiphi isigaba somsebenzi singaba ngaphansi komgulugulu obekwe kule Sheduli kodwa lapho inhlanganisela yezigaba, kufaka phakathi ukwandiswa noma ukwelulwa, kuzokwedlula umgulugulu obekiwe.
Ukwakhiwa kwendawo entsha noma ukuguqulwa kwendawo evele ikhona ukuze kwenziwe izinhlelo zokwakha, ukugcina impahla enkulu, ukufaka emabhodleleni, ukupaka, noma ukulondoloza, okuthatha indawo ewubukhulu obungamamitha ayi-1 000 noma ngaphezulu ngale kwendawo ekhona ebekelwe izinhloso zezohwebo okuhambisana nezakhiwo noma ingqalasizinda.
Ukuguqulwa kwendawo ebekelwe eceleni ukusetshenziswa njengendawo evulelwe umphakathi noma yendawo eyenzelwe ukonga bese isetshenziselwa okunye.
Ukukhishwa kwezicubu eziphilayo eziguqulwe ngokofuzo ukuyiswa endaweni yesimo lapho ukuhlola kudingekile ngokoMthetho wokuGuqulwa kwezicubu eziphilayo ngokofuzo, 1997 (Umthetho No. 15 ka 1997) noma Umthetho kaZwelonke wezokuPhathwa kweBhayodayivesithi, 2004 (Umthetho No. ka 2004).
Ukususwa kwanoma yisiphi isicubu esiphilayo esingaphandle kwendawo yemvelo yokusabalalisa ezosetshenziselwa ukulawulwa kwezilwanyana ezikhona ngokwebhayoloji.
Ukususwa kwezindawo ezikhona noma kwengqalasizinda, kunezindawo noma ingqalasizinda eyaqala ngaphansi kwemvume ekhishwe ngomkwemigomo yokuHlola umThelela kwezeMvelo, 2006 eyenziwe ngaphansi kwesigaba 24 soMthetho yashicilelwa kuSaziso sikaHulumeni No. R.
Ukwenza futhi noma ukusetshenziswa kwanoma iyiphi indawo noma ingqalasizinda, kungafaki phakathi noma iyiphi indawo noma ingqalasizinda eyaqala ngaphansi kwemvume ekhishwe ngomkwemigomo yokuHlola umThelela kwezeMvelo, 2006 eyenziwe ngaphansi kwesigaba 24 soMthetho yashicilelwa kuSaziso sikaHulumeni No. R.
b ngokushayisana kwenyukliya kanye nokugcinwa kwezibasi zenyukliya; noma c izindawo zanoma yiluphi uhlelo noma umsebenzi, ezidinga imvume, ukuvunyelwa noma ukuvunyelwa okungaphezulu ngokomthetho olawula ukukhishwa kwalokho okuphumayo, ukungcoliswa, okugobhozayo noma okulahliwengaphambi kokuba indawo isetshenziswe futhi.
Ukwandiswa noma ukwenziwa kwezinguquko ezindaweni ezikhona okwenzelwa yiluphi uhlelo noma umsebenzi, okudinga ukucitshiyelwa kwemvume ekhona noma imvume noma imvume entsha noma imvume ngokomthetho olawula ukukhishwa kwalokho okuphumayo, ukungcoliswa, okugobhozayo.
